Azoshenxa amasosha aseFrance

2013-02-20 16:18

Paris - UNgqongqoshe wezokuVikela eFrance uJean-Yves Le Drian uthi kungekudala amasosha asezweni lakhe azophuma aphele eMali, njengoba ebelekelela leli lizwe elimiswe lubhojozi ngabeqembu lamaSulumane.

Iqembu elidlelana nezihonga ze Al-Qaeda, ladla umhlaba osenhla nezwe ngonyaka owedlule, kwaba nokwesabela ukuthi le ndawo ingase iphenduke ibe yisizinda samaphekula.

IFrance yathumela amasosha ayo ukuthi ayokwelekelela kuliwe naleli qembu, kusukela ngoJanuwari 11.

ULe Drian uthi kuzongena amasosha akuleli lase-Afrika, azoqhubeka nokwelekelela, ukhulume esiteshini sikamabonakude eFrance wathi: "Asisenaso isizathu sokuqhubeka nokuhlala....sekusele amasonto ambalwa nje kuphela."

ULe Drian uthi kuyaqhubeka ukuqapha e-Adrar des Ifoghas, nathi impi eqhubeke khona idlule nomphefumulo wesosha laseFrance elilodwa kanye neyabanye abangu-20.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...