Ayithi vu i-NRA eMelika
2012-12-18 12:01
Washington – Inhlangano enkulukazi yezibhamu eMelika – eyaziwa kakhulu ngokuzikhulumela nakuba kubulawe abantu ngenxa yezibhamu – muva nje ithule cwaka, selokhu kwehle isigameko ngeledlule eNewtown, eConnecticut, lapho okufe khona abantu abangu-26 okuhlanganisa nezingane ezingu-20.
Ikhasi le-National Rifle Association ku-Facebook alisabonwa. INRA akukho ekubhalile nakwi-Twitter, ikhuluma ngesehlakalo sokudubula.
Abekho futhi nabaholi bayo abaphumele obala ngokweseka ilungelo laseMelika njengoba izwe lisemakhandleleni ngemuva kokudutshulwa kwabantu nosekudale inkulumompikiswano ngemithetho yezibhamu.
NgoMsombuluko iNRA ayishongo lutho ngesikhathi abantu abangu-300 bebhikishela ukungahambisani nezibhamu emahhovisi eCapitol Hill.
Ngemuva kwezigameko ezinkulu ezifuze lesi – njengesase-Oregon nase-Wisconsin – le nhlangano yezwakala kuqala yedlulisa amazwi enduduzo yaphinde yeseka amalungelo abantu abanezibhamu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP