Ayicaci imbangela yokudubula - Amaphoyisa
2012-12-13 07:21
Clackamas - Ushayasibhamu owavulela ngenhlamvu enxanxatheleni yezitolo e-Oregon, ebulala abantu ababili walimaza abanye, ngaphambi kokuzibulala akazange akuhlele lokhu, kusho izikhulu.
NgoLwesibili ntambama, le ndoda yavuka umbhejazane yavulela ngenhlamvu eClackamas Town Center, ePortland, njengoba kunesiphithiphithi samaholidi.
Kwashona abantu ababili noshayasibhamu lo.
Kulindeleke ukuthi amaphoyisa adedele imibiko yokuhlonzwa kwezidumbu esithangamini sabezindaba.
-
Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters