Ayashabalala amathemba ngeSyria
2012-10-29 07:19
Amman - Amabhanoyi aseSyria aqhubekile nokuhlasela emoyeni eSunni Muslim, eDamascus nasezweni lonkana, njengoba uMengameli Bashar al-Assad ebukeka engagobi phondo, nokubeka ngokusobala ukuthi isivumelwano se-UN sokuthelelana amanzi siyize leze.
AbeLocal Co-ordination Committees Activists bathe lokhu kuhlasela kubulale abantu abangu-14, okubalwa abesifazane nezingane, edolobheni iBara.
“Okwamanje isivumelwano sokubeka phansi izikhali sisamisiwe. IDamascus ihlaselwa kanzima kanti sekuboshwe amakhulu abantu," kusho umakadebona weqembu eliphikisayo uFawaz Tello.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter