Angiyidingi imali eningi - Umengameli

2012-12-10 16:46

Montevideo - UMengameli wase-Uruguay uJose' Mujica ubizwa ngomengameli ohlwempu ukwedlula bonke abanye emhlabeni, umengameli lona unikela u-90% womholo wakhe, anikelele abahlwempu.

UMujaca, 77, akaphili impilo ewubukhazikhazi, uhamba ngemoto eyiVW Beetle, ka-1987 futhi unetafula elithengisa izimbali emakethe.

Yena nonkosikazi wakhe uLucia Topolansky namanje basahlala epulazini labo ababehlala kulo, ngaphambi kokuthi aqokelwe esikhundleni ngo-2010.

Umengameli uthatha imali yakhe anikelele ngayo izinhlangano ezahlukene zabantu abahlwempu, nosomabhizinisi abasathuthuka.

Ngenyanga umengameli uhola u-R112 500, kodwa ugoduka kuphela no-R11 250.

"Ngiphila kahle ngale mali engigoduka nayo, baningi abantu abaphila ngokungaphansi kwalokhu mina engizicozulela kona."

"Angizizwa ngihlupheka. Uma ungenayo impahla eningi, asikho isidingo sokuthi usebenze kanzima ulokhu uzama ukuyinakekela," kusho umengameli.

Ngonyaka uMujica ugoduka no-R135 000.

UMengameli wakuleli laseNingizimu Afrika uJacob Zuma, ugoduka no-R2.6 million.

UNdunankulu waseBrithani uDavid Cameron, ugoduka no-R1.8 million.

UMengameli waseMelika uBarack Obama, ugoduka no-R3.3 million.

UNdunankulu waseKenya uRaila Odinga, ugoduka no-R3.5 million.





 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C Morning clouds. Warm. PE: 13-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...