Amaphoyisa aseJapan athole izidumbu

2012-10-16 10:00

Tokyo - Amaphoyisa eJapan aqhuba uphenyo kulandela ukuduka kwabantu abayisikhombisa athi athole izidumbu ezintathu ebese zibolile emzini othile, njengoba besabheka ezinye.

Lusaqhubeka uphenyo kulandela ukutholakala kwezidumbu zabesifazane ezimbili zinqunu emzini oseHyogo entshonalanga neJapan ngempelasonto.

Isidumbu sesithathu sitholakale ngaphansi kwalo muzi ngoMsombuluko.

Izidumbu zibole ngendlela yokuthi amaphoyisa ahlulekile ukuzihlonza, kusho okhulumela amaphoyisa aseHyogo.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa aphenya ukuthi ngabe uMiyoko Sumida, 64, uyathinteka yini.

USumida usolwa ngokushaya owesifazane, 66, waze wambulala wase elahla isidumbu sakhe emphongolweni ogcwele usimende omanzi ngonyaka odlule.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...