Amanzi azoletha udlame emhlabeni - Umbiko

2012-03-23 12:03

Washington - Isomiso, izikhukhula kanjalo nokushoda kwamanzi ahlanzekile, kungase kudale ukungazinzi nodlambedlu, emazweni asathuthuka, kule minyaka ezayo.

Uphiko lwezobunhloli eMelika luthi amazwe asathuthuka abhekene nesibalo esiphezulu sokwanda kwabantu, kanjalo nokuguquguquka kwesimo sezulu.

Ucwaningo olwenziwe luthi eminyakni eyishumi ezayo kuzokuba nokushoda kwamanzi.

Luyaqhubeka luthi ngonyaka ka-2022, amanzi azosetshenziswa njengesikhali esinamandla, esingaguqula izinto ikakhulu emazweni aseNingizimu ne-Asia, Middle East naseNyakatho ye-Afrika.

UNobhala eMelika uHillary Rodham Clinton uthi lo mphumela uyingozi kakhulu kumele usukunyelwe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...