Amabhomu abulale 20 eSyria
2012-11-28 14:03
Beirut - Ukuqhuma kwamabhomu okwenzeke kakhulu ezindaweni ezihlala abenkolo yobuKhrestu enhlokodolobha yaseSyria, iDamascus, kubulale okungenani abantu abangu-20, kusho izishoshovu.
Isiteshi sethelevishini esingaphansi koMbuso sithe amabhomu amane, okubalwa nezimoto ezimbili ebezihlohlwe ngeziqhumane, aqhunyiswe eJaramana, njengoba kukholakala ukuthi izakhamuzi zakhona zeseka uMengameli Bashar al-Assad.
ISyrian Observatory for Human Rights, nezinze eBrithani ithe kushone okungenani abantu abangu-20, iningi labo izakhamuzi.
Kula masonto ambalwa amavukelambuso asekukhuphulile ukuhlasela kwawo eDamascus.
Izindiza ezihlasela emoyeni zikahulumeni zihlasele eDarya, kusho i-Observatory.
Imibiko eminingi ngeSyria ayiqinisekiswa ngenxa yokuthi uhulumeni wavala abezindaba bakwamanye amazwe kuleliya lizwe kusukela kwavukelwa uMbuso ngoMashi wonyaka ofile.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA