Aliphilile kahle isosha elabulala 16

2013-01-18 14:06

Tacoma – Isosha laseMelika elithweswe icala lokubulala abantu abangu-16 e-Afghanistan, ngaphambi kokuba libulale, kwatholakala ukuthi liphethwe yi-Post-traumatic stress disorder (PTSD) okuyisifo esilimaza ingqondo, kusho ummeli walo ngoLwesine.

Abashushisi bafuna lithole isigwebo sentambo.

URobert Bales usolwa ngokudubula abulale izakhamuzi, iningi lazo okwakungabesifazane nezingane, ngesikhathi kunemibhikisho ehambisana nodlame esifundazweni saseKandahar ngoMashi wangonyaka odlule. 

Ukuveza ukuthi uBales watholakala enesifo i-PTSD kulandela ngemuva kokuba ummeli phambilini watshela ijaji ukuba balungiselela ukuzilandulela ngokungaphili kakhe ngokwengqondo kukaBale.

IJaji uColonel Jeffery Nance, lithe ukuzilandulela ngalolu hlobo kuzodinga incwadi yokuhlolwa kwengqondo esemthethweni kanti futhi uzoyalela ithimba elizimele lodokotela ukuba libhekisise isimo sengqondo kaBale.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...