Aliphelimoya iphephabhuku elahlaselwa eFrance

2015-01-14 08:19

Paris - ICharlie Hebdo izokhipha iphephabhuku lakamuva elinemidwebo edelelayo, kanti kumanje selithole ukugxekwa ngemuva kokufaka umdwebo wesithombe soPhrofethi uMuhammad ekhasini eliphambili.

Leli phephabhuku lidelele nezinye izinkolo laphinde lakhipha namakhasi amabili achaza ngemashi ebingeSonto eParis ebihanjelwe abantu abangaphezulu kwesigidi.

Kwashona abantu abangu-12, okubalwa kubona namaphoyisa amabili, ngesikhathi oshayasibhamu ababili behlasela amahhovisi aleli phephabhuku ngeledlule.

Funda nalolu daba: Kufunwa owesifazane osolw angokuba kwi-Al Qaeda.

ICharlie Hebdo ibilokhu isongelwa ngokudelela uprofethi wamaSulumane, kanti umhleli wayo kanye nonogada wakhe babangabokuqala ukubulawa kulokhu kuhlasela.

Kuleli phephabhuku lakamuva, uMuhammad ubonakala ephethe umbhalo othi "NginguCharlie" futhi lombhalo uhambisana namagama athi "Konke sekuxolelwe".

UZineb El Rhazoui, oyintatheli kuleli phephabhuku, uthe lokhu kusho ukuthi izintatheli sezibaxolelile abenzibokubi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...