Akucaci ngoDorner - Umbiko
2013-02-13 07:23
Big Bear Lake - Ukuthungathwa kukalowo owayeyiphoyisa laseLos Angeles, nosolwa ngamacala amathathu okubulala ubhace emzini osentabeni ngoLwesibili nokuyilapho amaphoyisa akholelwa ekutheni uzibulalele khona.
Uqale ngokudubula ebhekise emaphoyiseni kwashona elilodwa, ngaphambi kokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu ngaphakathi kwase kubonakala umlilo.
Kutholakale isidumbu sesishe saba ngumlotha, kanti-ke akucaci noma bekungesakhe na.
Uma lesi sidumbu kungesikaChristopher Dorner, lokho kuchaza ukuthi impela ukutholakala kwakhe kuphele ngendlela abefuna ngayo - yokutholwa efile - ejahwa ngamaphoyisa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP