Akucaci ngesinqumo sakwa-Israel
2012-11-20 10:00
Jerusalem - Abaholi bakwa-Israel ngoLwesibili badingide ngohlelo lwaseGibhithe lokuqeda udlame neqembu elibusayo eGaza, iHamas, kusho umbiko.
Izingxoxo zasekuseni zize ngesikhathi i-UN Security Council ifinyelela kwangqingetshe neMelika mayelana nesitatimende sezinxushunxushu, ithi bayaphikisana nayo yonke imizamo ebhekisela phansi ukudala ukuthula.
ONgqongqoshe baNdunankulu uBenjamin Netanyahu - okuyisigungu sabayisishagalolunye- babambe izingxoxo zokuba kumele kuvunyelwe yini ukudala ukuthula, kodwa sigcine singamenyezelwanga isivumelwano, kubike isiteshi somsakazo kwa-Israel.
Kuthiwa u-Israel ungathanda ukuba namasosha okudala ukuthula azoqapha amahora angu-24 kuya kwangu-48 ukuze bakwazi ukusebenzela ukuthula kwesikhathi eside, njengoba u-Israel usucabanga ukuxegisela iGaza ngokuhlasela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP