Akakabonakali emphakathini uChavez
2013-02-20 07:23
Caracas - Ngemuva kosuku uMengameli waseVenezuela uHugo Chavez etheleke kungazelele muntu ezweni, ngemuva kwezinyanga ezimbili eyolashewa umdlavuza eCuba, akakabonakali emehlweni omphakathi.
Akucaci noma uChavez, nongeniswe esibhedlela sombutho wezempi eCaracas, ubonene yini noMengameli waseBolivia u-Evo Morales, nobesenhlokodolobha ukuzombona ngaphambi kokubabela eMelika.
Abantu baseVenezuela abakamboni futhi abakezwa lutho kumholi wabo odume ngokuzikhulumela, kusukela ahanjiswa eCuba ngoDisemba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP