Abesifazane bahlinzekwe ngemimese yokuzivikela

2013-01-24 10:01

Mumbai - Iqembu lezombusazwe lisabalalisa izinkulungwane zemimese kwabesifazane entshonalanga yeNdiya ukubasiza ukuthi bakwazi ukuvikela kulandela ukudlwengulwa kowesifazane owagcina ngokushona.

IShiv Sena, nokuyiqembu elidume ngokusabisa nokudala uthuthuva, liqale ngoLwesithathu ukusabalalisa lezi zikhali eMumbai.

"Ngendlela osika ngayo imifino, kumele usinqume kanjalo-ke isandla somuntu okuthintayo," kusho isikhulu saleli qembu endaweni u-Ajay Chowdhary etshela abalandeli, ethi abesifazane kumele bafe nayo le mimese, ingasuki ezikhwameni zabo.

Leli qembu lihlela ukusabalalisa imimese engu-21 000 edolobheni iMaharashtra.

Ukudlwengulwa ngesihluku kwesitshudeni, 23, ebhasini eNew Delhi ngoDisemba, kwavusa enkulu imvunge ezweni kwaqubuka nemibhikisho ekhala ngokuthi abesifazane abavikelekile.

Lesi sitshudeni sashonela esibhedlela esiseSingapore.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...