AbeTaliban basabisa iNdiya

2012-11-22 12:03

Peshawar - Oshayasibhamu beqembu iTaliban sebesabise izwe laseNdiya bathi bazoziphindiselela uma bengabuyisi isidumbu somunye weqembu labo owagwetshwa udilikajele ngonyaka ka-2008, ngemuva kokulahlwa yicala lokuhlasela elenzeka eMumbai, kwashona abantu abangu-166.

Umkhulumeli weTaliban ePakistani u-Ahsanullah Ahsan, utshele abesindaba ze-The Associated Press wathi kumele kubuyiswe isidumbu sikaMohammed Ajmal Kasab, sinikwe umndeni wakhe noma abeTaliban.

Kuthiwa izikhulu zaseNdiya zabulala uKasab isinyenyela, zase zingcwaba isidumbu sakhe ejele abe egqunywe kulo, lona kwabe kunguye kuphela owasinda koshayasibhamu abathathu abahlasela eMumbai.

UKasab wavuma leli cala, ethi iqembu lasePakistan iLashkar-e-Taiba, yilo elahlela ukuhlasela.

Uhulumeni waseNdiya usola ezobuNhloli zasePakistan, athi zazisebenzisana neLashkar-e-Taiba ukuhlela lokhu kuhlasela, iPakistan iyakuphika lokhu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...