Abaziphethe kahle abadla inyama - Umbiko
2012-11-16 16:23
UMumbai - Enye yezincwandi efundwa ezikoleni zaseNdiya ithi abantu abadla inyama basemathubeni amaningi okuthi bangathembeki, bantshontshe futhi babe nophathina abaningi ocansini.
Incwadi lena ifundwa ngabafundi abalinganiselwa eminyakeni engu-11 ubudala, inhloso kuthiwa ukujwayeza abafundi ukuzithanda nenhlanzeko futhi bafundiswe ngocansi, kusho abezindaba ze-NDTV.
"Abathembekile, banamanga, bakhohlwa yizethembiso zabo, bayantshontsha, bayathuka futhi bavamise ukwenza amacala ocansi,” kusho incwadi.
Le mpicabadala yencwadi ithi abesifazane kumele bathole abayeni uma sebeseminyakeni ephakathi kuka-18 no-25 ubudala.
"Kuhle ukushada ungakazakheli igama elimbi,” iqhubeka.
Incwadi ishicilelwe ngabakwaS Chand, abe-India's Central Board for Secondary Education bathi izikole zazikhethela zona le ncwadi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).