Abasisheshisele bafe asebegugile - Ungqongqoshe

2013-01-22 14:06

Cape Town – UNgqongqoshe wezeziMali eJapan ngoMsombuluko uthe izaguga zakuleliya lizwe zincela umnotho wezwe futhi indlela yokuxazulula le nkinga ukuthi izaguga ziye esibhedlela zisheshiswe zife, kusho umbiko.

"Ngingavuka ngiphatheke kabi uma ngazi kahle ukuthi uhulumeni ongikhokhela izindleko zokulashwa," iThe Guardian ibike ukuthi ungqongqoshe uTaro Aso usho kanje emhlanganweni obumayelana nokushintshwa kwendlela abantu abaphila ngayo eweni.

"Le nkinga ngeke ixazululwe ngaphandle kokuthi bavunyelwe ukuba basheshiselwe ukufa."

Ngokusho kombiko, u-Aso, oneminyaka engu-72 ubudala, uthe uyalele umndeni wakhe ukuba ungayivumi indaba yokwelula impilo.

"Angikudingi ukunakekelwa kanjalo, uma sengiguge kakhulu kumele ngibulawe."

Umbiko uthe ngokuhamba kwesikhathi ungqongqoshe ube esezama ukucacisa ukuphawula kwakhe, wathi ukuphawula kwakhe kube ngokungaqondile empeleni ubeqonde ukukhuluma ngaye nempilo yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...