Abasebukhosini eJapan bazophuthwa umshado
2011-03-18 16:49
Tokyo - Uhulumeni waseJapan uveze ukuthi iNkosana neNkosazana yasebukhosini eJapan angeke bawuhambele umshado kaNkosana uWilliam noKate Middleton uzoba ngesonto elizayo kulandela izinhlekelele ezenzeke kuleliya lizwe.
Inhlangano yasebukhosini i-Imperial Household Agency ithe ngoLwesihlanu iNkosana uNaruhito neNkosazane uMasako bebezimisele ngokuhambela lo mshado ngo-Ephreli 29. Kodwa ke sebekhethe ukuhlala eJapan kulandela ukuzamazama komhlaba netsunami ngesonto eledlule.
Amaphoyisa ngoLwesihlanu athe selimi ku-6 500 inani labantu abashonile kulezi zigameko njengoba abangaphazu kuka-17 000 besadukile.
- Sapa - AP