Abanye abazokhelile eTibet

2013-02-26 10:01

Beijing - Ababili benkolo yaseTibet, nabaseminyakeni elinganiselwa ko-20 ubudala, bazokhele ngomlilo bekhombisa ukungahambisani nemithetho yaseChina.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuhlangene izinkumbi zabantu zize emkhulekweni waminyaka yonke owaziwa ngeleTibetan New Year Festival, kusho inhlangano yamalungelo abantu baseTibet.

Bobabili abazokhelile, bashonile.

UTsesung Kyab uzishise ngoMsombuluko esethempelini iLuqu enhla nesifundazwe iGansu, kanti uPhagmo Dundrup wazokhela ngeSonto esifundazweni iQinghai.

Kusukela ngonyaka ka-2009, sebefinyelele ku-106 abantu abazishisile eTibet, bephikisana nomthetho oshaywa yizwe laseChina.

Umfana oneminyaka engu-17 ubudala nomngani wakhe uSonam Dargye, 18, yibo abayizingane kakhulu kulaba abazishisile.

 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...