Abanye abashone engozini yesitimela eNdiya

2014-05-09 10:02

New Delhi – Isikhulu kuhulumeni waseNdiya, sithi kwenzeke ingozi yesitimela enhla nesifunda i-Uttar Pradesh, kwashona abantu abangu-13 kwalimala abathathu.

Ngokusho kukaJai Chand Pandey, ingozi yenzeke ezintathakusa ngoLwesihlanu, ngesikhathi izisulu zibuyela emakhaya zikade zisemcimbini edolobheni iGorakhpur.

UPandey uthi abathathu abalimele bangeniswe esibedlela, bonke bebesesimweni esibucayi.

Izingozi zezitimila ziyinsakavukela eNdiya, lezi zithuthi zithwala abantu abangaba ngu-20 million ngosuku.

Kunemigwaqo ehamba izimoto ekunqamuka kuyo izitimela, le migwaqo ayimakiwe ngendlela, nokwenza kuvame izingozi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...