Abanye abangu-40 abashonile eSyria
2012-08-16 12:03
Beirut - Ukuhlasela emoyeni kukahulumeni waseSyria kudlule nemiphefumulo yabantu abangu-40 kwalimala okungenani abangu-100 edoobheni i-Azaz, kusho izinngqapheli zamalungelo abantu i-Human Rights Watch.
"Lokhu kuhlasela kwenzeke edolobheni labantu abaswele, sebebaleke bashiya amakhaya abo. Abantu abalimele bebebaningi kakhulu izibhedlela bese zibanqaba zithi abaye kwezinye izibhedlela ezibuqamama," kusho inhlangano.
Abezindaba ze-Associated Press bathe babone izidumbu eziyisishiyagalolunye zidindilizile ngemuva kokuhlasela, bekukhona nesidumbu sengane.
Sezizonke izidumbu ezitholakele zigcine zifinyelela ku-40.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
–Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa - AP