Abanye ababulewe eGaza
2012-11-19 12:03
Gaza City - Ukuhlaselwa kweGaza okwenziwe ngabakwa-Israyeli kushiye abantu abayishumi beshonile ngoMsombuluko, lokhu sekwenze safinyelela ku-87 isibalo sabasePalestine ababulewe ngabakwa-Israyeli esikhathini esiyizinsuku eziyisithupha.
Abanye babashonile bahlaselwe besedolobheni iQarara, eningizimu neKhan Yunis.
Kuhlaselwe nabanye abantu abathathu abahlaselwe behamba ngemoto edolobheni iDeir al-Balah, maphakathi neGaza, bonke abashonile bekungamalungu omndeni owodwa.
Edolobheni iGaza kubulawe abesifazane ababili nengane, ngesikhathi kuhlaselwa idolobha elingumakhelwane iZeitun - abashonile ngoNisma Abu Zorr, 23, Mohammed Abu Zorr,5, Saha Abu Zorr, 20 kanye no-Ahid al-Qatati, 35.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP