umhlaba

Kushone 11 engozini yebhasi eNdiya

Emizuzwini eyi-25 edlule

Amaphoyisa athi kushayisane iloli nebhasi enhla nezwe laseNdiya, kwashona abantu abangu-11, abahlanganisa abayisikhombisa ebebephuma emshadweni.

Siyanyuka esabashone efemini eChina

2013-05-21 14:01

Ukuqhuma okwenzeke efemini yaseChina kushiye abantu abangu-13 beshonile nabangu-20 bengakatholakali, kusho abezindaba bakuleliya lizwe

Ibhomu libulale 6 e-Afghan

2013-05-21 12:03

Isikhulu sase-Afghanistan sithi ukuqhuma kwebhomu okunamandla okwenzeke eceleni komgwaqo kubulale amaphoyisa ayisithupha entshonalanga yezwe.

U-Obama uhlela ukuhambela kuleli

2013-05-21 07:20

UMengameli waseMelika uBarack Obama uzohambela e-Afrika okokuqala ngqa ngokomsebenzi, ohambweni azobonakala kulona eNingizimu Afrika, iSenegal, neTanzania.

Ludla lubi udlame e-Iraq

2013-05-20 14:04

Izinsuku ezimbili zokuqhuma kwamabhomu, kuhlaselwa amaphoyisa kanye nokwehluleka ukuhlenga abebethunjiwe kushiye kubulawe abantu abangu-50 e-Iraq.

Ibhomu libulale 10 e-Iraq

2013-05-20 10:03

Izikhulu zase-Iraq zithi amabhomu abetshalwe ezimotweni ezimbili edolobheni eliseningizimu nezwe iBasra aqhume kwashona okungenani abantu abangu-10.

Abayizwa eyomdlalo othi 'uNkulunkulu uyisigekeleqe'

2013-05-17 16:28

Umdlalo wasesiteji obizwa ngokuthi yi ”God is a gangster" uzobukiswa ngaphansi kweso elibukhali lamaphoyisa eRomania, kulandela izinsongo.

U-Obama ufuna ehle u-Assad

2013-05-17 12:02

Emizamweni yokuhlela izingxoxo zokudala ukuthula nokuqeda izimpi kwelaseSyria, umengameli waseMelika uBarack Obama ugcizelele ngokuthi kumele ashenxe uBashar Assad.

Luyaqhubeka udlame eBaghdad

2013-05-17 07:27

Kulokhu kuqhubekile ukutshalwa kwamabhomu namadelakufa aziqhumisa nawo emakethe eseBaghdad, nosekubulale cishe abantu abangu-25.

Bagwetshiwe ababelambisa isisebenzi

2013-05-16 14:03

Inkantolo yaseMalaysia ngoLwesine igwebe izithandani zakuleliya lizwe iminyaka engu-24 umuntu ngamunye zibhadla ejele ngokulambisa umsizi wasendlini waze washona.

Kushone 6 kusha umkhumbi eJapan

2013-05-16 10:01

Izidumbu eziyisithupha, okusolakala ukuthi ngezabasebenzi basemkhunjini waseRussia, zitholakale emkhunjini othwala izimpahla noqubuke umlilo echwebeni eliseJapan.

Uthweswe icala obeduvise iposi

2013-05-15 16:08

Indoda yaseNtaliyane, esiqhingini saseSardinia, ithweswe icala lokweba ngemuva kokuthi kutholakale izicwadi zabantu eziyisisindo esingu-400kg, ziduve emzini wayo.

Imizamo yokusindisa abantu eMyanamar

2013-05-15 12:01

Iziphathimandla eMyanmar zithwale kanzima ngoLwesithathu ngesikhathi zizama ukukhipha izinkulungwane zabantu lapho zikhosele khona, kungaze kuhlasele isishingishane.

Kuduke inqwaba kucwila isikebhe eMyanmar

2013-05-15 07:22

Abatakuli bathungatha abantu abangu-58 benkolo iRohingya Muslim abadukile ngesikhathi kucwila isikebhe abebehamba ngaso entshonalanga neMyanmar.

 

 

Kushone 91 kuhlasela isiphepho e-Oklahoma

2013-05-21 10:02

Isishingishane esinamandla sihlasele edoloheni i-Oklahoma City, kwawa imizi eminingi, nezikole, kwashona nabantu abalinganiselwa ku-91, abahlanganisa izingane ezingu-20.

Kushone 8 kuhlasela amadelakufa eRussia

2013-05-20 16:15

Okungenani abantu abayisishiyagalombili bashonile ngesikhathi kuba nezehlakalo ezimbili zabantu abaziqhumisa ngamabhomu besezimotweni eRussia.

Kushone 5 kunokuqhuma efemini eChina

2013-05-20 12:04

Ukuqhuma okwenzeke efemini yeziqhumane empumalanga yeChina kubulale bantu abahlanu kwashiya abangu-20 bedukile, kusho umbiko wakamuva.

Zimkhalele osolwa ngokubulala izingane zakhe

2013-05-20 07:22

Amaphoyisa aseFrance apheka ngemibuzo owesilisa, 48, odivosile mayelana nokunqunywa uqhoqhoqho kwezingane zakhe ezimbili ezisencane, kusho izikhulu zezobulungiswa.

Izikhukhula zidlule nemiphefumulo eChina

2013-05-17 14:03

Izikhukhula kanye nokuguguleka komhlabathi, kushiye abantu abangu-34 beshonile kwathi abangu-12 banyamalala, abanye bathuthelwa ezindaweni eziphephile eChina.

Kuzovalwa oncamnce ezikoleni ePeru

2013-05-17 10:05

Umengameli wasePeru usayine umthetho omusha nokuhlelwe ngawo ukunciphisa izinga lokukhuluphala kuze kweqe ezinganeni, kusho umbiko wakamuva.

Uzidubule wazibulala phambi kwezingane

2013-05-16 16:17

Indoda esikhulile elinganiselwa eminyakeni engu-60 ubudala, izidubule yazibulala phambi kwezingane zasenkulisa eParis, kusho abezindaba zakwa-BFM-TV.

Ubhekwe esentambo owabulala isoka

2013-05-16 12:01

UJodi Arias, waseCalifornia, olahlwe yicala lokubulala ngesihluku owabe eyisoka lakhe, angase anikwe isigwebo sentambo njengoba kutholakale ukuthi waba nesihluku.

Linyukile elabashone kolwase-Indonesia

2013-05-16 07:26

Abatakuli baphinde bathola isidumbu esisodwa emayini edilikile empumalanga ne-Indonesia, kusho amaphoyisa, nathi lokhu sekubeka inani labashonile kwabayisihlanu.

Kuxolise undunankulu kwabesifazane

2013-05-15 14:03

UNdunankulu wasePapua New Guinea, uPeter O'Neill, ngoLwesithathu uxolisile ngodlame olubhekiswe kwabesifazane ezweni wathembisa ngokuqinisa izijeziso kubenzi bokubi.

Ubekwe icala obulale udadewabo

2013-05-15 10:03

Umfana oneminyaka engu-12 ubudala ubekwe icala lokubulala kulandela izinsolo zokuthi ugwaze wabulala udadewabo, 8, ekhaya labo eCalifornia, kusho ummeli wakhe.

 
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...