Ziyanda izingozi zemigwaqo kuleli
2012-12-25 09:02
Johannesburg - Kushone ingane enamasonto amathathu izelwe ngesikhathi kugingqika imoto eCamperdown, emgwaqeni uN3 phakathi koMgungundlovu neTheku, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesibili.
Lolu sana luyingxenye yabantu abangu-11 abalahlekelwe yimiphefumulo kulona lonke leli phakathi kuka-20:00 ngoMsombuluko no-06:00 ngoLwesibili.
"Kubukeka sengathi le ngane iphalazwe yimoto ngesikhathi igingqika," kusho okhulumela i-ER24 uVanessa Jackson.
Abanye ababili bashone engozini eyenzeke eFree State ngenxa yemvula.
Abanye babikwe eBloemfontein, Parow, eWestern Cape, naseWitbank, eMpumalanga.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA