Zijabhile izimfamona ngenkomfa ye-ANC - Zuma

2012-12-21 11:01

Bloemfontein - Abantu bebecabanga ukuthi kuzophela nya nge-ANC eMangaung ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yokuqokwa kobuholi nokubekwa kwemigomo yeqembu, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesihlanu.

"Abaningi bacabanga ukuthi kunempi eqhubekayo ku-ANC. Bebethi le nkomfa ngeke iphumelele," esho esidlweni sasekuseni ebesihlelwe yiphephandaba iThe New Age, eBloemfontein.

"Abantu bese bevele bebhale uhlelo lomngcwabo ngaphambi kwale nkomfa."

Uthe kungenxa yezimiso zenhlangano nakuba i-African National Congress isekhona.

UZuma uqumbe phansi uKgalema Motlanthe ngesikhathi kubangwa esobumengameli kuleli sonto.

"Siyakholelwa entandweni yeningi ku-ANC," kusho uZuma.

"Amalungu e-ANC anikwe ithuba lokucabanga ngokukhululeka enze nesinqumo esiyimfihlo kodwa akhulume ngakho.

"Abantu-ke lokhu bakuphambanise nokuklwebhana,” usho kanje.

Ngesikhathi kuqhubeka inkomfa, ephele ngoLwesine, i-ANC iqoke ubuholi obusha.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...