Wonke amehlo athe njo kwekaZuma

2013-02-14 08:49

Johannesburg - Abe-Equal Education bafuna ukuthi inkulumo kaMengameli Jacob Zuma ikhulume inabe kabanzi ngezinselelo ezibhekene nezemfundo uma esethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesine ebusuku.

"Njengoba uhulumeni ubheke okhethweni luka-2014, bazobuzwa ukuthi benzeni ukuthuthukisa izinga lezemfundo ukuvala igebe phakathi kwezikole zomntakabani nezabantu abamnyama," kusho le nhlangano esitatimendni.

"Lowo owayenguMengameli uThabo Mbeki noMengameli Zuma bobabili bathembisa ukuthi kuzoqedwa nya ngezikole zodaka. Yincane kakhulu inqubekelaphambili ebe khona, nokuchaza ukuthi abafundi kumele bacacamezele kulezi zikole ezingekho ezingeni."

Kunezikole zodaka ezingu-495 kuleli, kusho le nhlangano, icaphuna umbiko weNational Education Infrastructure Management Systems, nowashicilelwa nguMnyango wezeMfundo ngo-2011.

Abaningi babheke ukuthi uZuma athinte nasodabeni lwemisebenzi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...