Uzibulele ofeyile u-matric kathathu

2013-01-14 12:08
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kube ngumzuzu onzima ngesikhathi kutholakala isidumbu sebhungu laseMmotong wa Perekisi, eLimpopo, uVictor Mabotja, 21, silenga ophahleni lwendlu ekhaya kubo.

UMabotja kukholakala ukuthi uthathe intambo wazilengisa ngesikhathi ehluleka ukwamukela ukuthi usephinde wafeyila ibanga leshumi, aselifeyile kwaze kwaba kathathu, kubika iphephandaba iThe Star.

“Niyijabulele impilo. Ngiyanithanda nonke,” kusho incwadi eshiywe ngumufi ngemuva, eyibhalele umndeni wakhe.

Lo mfundi kuthiwa ubefisa kakhulu ukuphasa umatikuletsheni wakhe, njengoba ebenephupho lokufunda enyuvesi ngelinye ilanga.

Ubephupha ngokuba nguthisha we-Maths neScience.

Umama kamufi u-Elizabeth, 59, nguye ozithele phezu kwesidumbu sendodana yakhe ,umama uthi uqale ukukhathazeka ngesikhathi ingaluphenduli ucingo futhi engayiboni lize ledlula ku-20:00.
 
"Ngihlangabezane nembibizane ngesikhathi ngimbona elenga," kukhala umama ngesikhathi elandisa abezindaba.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...