Uyazihlangula umsolwa kwelika-Anene

2013-02-26 14:04
Yabelani Shicilela

Cape Town - UJonathan Davids uliphikile icala lokudlwengula nokubulala u-Anene Booysen, ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseBredasdorp ngoLwesibili.

UDavids, 22, ulandise ngokwenzeka ngosuku okwabulawa ngalo uBooysen, 17.

UBooysen wadlwengulwa yiqulu labasolwa wase ekhishwa amathumbu ngemuva kokuhambela ekilabhini ngoFebhuwari 1.

Watholakala endaweni eyisigange, lapho ayesebenza khona, nokubuqamamana nakubo.

Wakwazi ukukhipha igama lomunye wabahlaseli ngaphambi kokuthi ashone.

UDavids ubethula ubufakazi ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.

Lowo asolwa naye uJohannes Kana, 21, naye kulindeleke afake isicelo sebheyili.

UDavids uthi wayesendaweni eyodwa no-Anene ngobusuku abulawa ngabo, uthi wambingelela ngabo-22:00 kwathi ngabo-00:00 umsolwa wahamba nabangani bakhe.

Bathenga ibhokisi lewayini kwenye indawo base begoduka nalo, baliphuza base balala.

Kuthiwa umama kaDavids washona ngo-2003 kanti ubaba wakhe akamazi, njengoba eziphilisa ngokudayisa izimbali.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...