Uthi usejahe ukugwetshwa ovume elokubulala
2013-01-22 10:02
Cape Town - Indoda yaseKapa, ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha, mayelana necala lokubulawa kwentombazanyana eneminyaka emihlanu ubudala.
Umshushisi utshele inkantolo wathi uCharles
"Bhuti" Makgetha, 39, wenze isitatimende echaza indlela abulala ngayo uLilitha Mgwebi, kusho umbiko wabezindaba zeDaily Voice.
"Umsolwa uvume icala lokudlwengula nokubulala ingane. UMbuso uyayiphikisa ibheyili," kwenaba umshushisi uPhelan Stuurman.
UMakgetha ucele ummeli wakhe ukuthi angayifuni ibheyili, ethi akafuni ukuchitha isikhathi senkantolo. Uthi ufuna ukusheshe aqale adonse ejele.
Icala lihlehliselwe umhlaka-28 Januwari.
ULilitha wagcina ukubonakala ephila ngesikhathi edlala nabangani bakhe, ngaphandle kwasekhaya kubo eGreenpoint, isidumbu sakhe esabe sesiqala ukonakala satholwa ngomakhelwane emkhukhwini owabe ugadwa nguMakgetha.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA