Uthelekile enkantolo umlingisi
2013-02-18 11:01
Johannesburg - Umlingisi odumile utheleke eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoMsombuluko ukuzobhekana necala lokushaya abekwe lona.
Lo mlingisi ubonakale encokola nosomahlaya ongumngani wakhe ngaphandle kwenkantolo, njengoba elinde ukubingelela imantshi.
Lo mlingisi, zimkhalele ngoMgqibelo ngokushaya intombi yakhe ngesikhathi kuqubuka ingxabano, kusho uLieutenant Colonel Katlego Mogale.
Uthe ngeke alikhiphe igama lomlingisi ngenxa yokuthi akakaveli enkantolo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA