Ushonile odlwengulwe walinyazwa
2013-02-06 10:05
Cape Town - Isemhlabathini obandayo intombazane yaseBredasdorp eneminyaka engu-17 ubudala, edlwengulwe yabulawa yizigilamkhuba.
Intombazane ithe ikhipha umphefumulo yawo wokugcina ibisikwazile ukukhomba oyedwa kubadlwenguli.
Abasebenzi esibhedlela saseBredasdorp, la kushonele khona u-Anene
Booysen, bathi intombazane ibilimele kakhulu abakwazi nokuthi bangaqala kuphi uma bechaza, kusho umbiko wephephandaba iDie Burger.
"Besiqala ukubona umuntu olimele ngaloku hlobo kulesi sibhedlela," kusho umthombo okhulume nephephandaba othe akukho isibhedlela ebesingamusiza ngakho.
UBooysen udluliselwe esibhedlela iWorcester, nakhona wadluliselwa eTygerberg Hospital, nala kuyikhona akwaze ukukhipha igama loyedwa wabadlwenguli bakhe.
Umufi wadlwengulwa ngezithuba zasekuseni ngoMgqibelo, ngemuva kokuthi eluthwe yiqulu lamadoda amthatha ehamba nabangani bakhe.
Sekuboshwe abasolwa abathathu ababhekene namacala okuthumba nokudlwengula.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24