Ushiswe nge-ayina ehlaselwa - Amaphoyisa

2013-01-17 08:01

Johannesburg - Unesi uhlaselwe nge-ayina elishisayo ngesikhathi yena nalowo asebenza aphinde ahlale naye behlaselwa yizigebengu eflethini labo eliseDaspoort, ePitoli, kusho amaphoyisa.

Lo nesi, 24, ungene endlni wazithela ezigebengwini ezine zihlome ngemimese, kusho uCaptain Bonginkosi Amos Msimango esitatimendeni.

Ngemuva kokudlubulundela bangene kuleli flethi ngabo-17:30, babophe unesi wokuqala.

Kuthe uma kufika owesibili ephuma eHercules Clinic lapho esebenzela khona, bambopha base bamshisa nge-ayina esilevini nasendololwaneni ngesikhathi enqaba nokhiye bemoto yakhe.

Babe sebebaleka ne-laptop nePolo Vivo.

Akukaboshwa muntu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 11-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...