Umunyu umshado uphenduka umngcwabo

2012-12-20 10:47

Johannesburg - Esikhundleni sokwenza amalungiselelo omshado, umndeni waseHammanskraal ugubezelwe yifu elimnyama, wazithola usuhlela inkonzo yomngcwabo, kubika iSowetan.

UKarabo Chuma, 12, wayesendleleni egodukayo nomama wakhe uMapula Chuma nodadewabo kaMapula, uJoyce Mthombeni, ngabo-20:00 ngoLwesihlanu ngesikhathi uKarabo eshayiswa yimoto, nokusolakala ukuthi umshayeli wayo wayecwile ezinkambeni zikaFaro.

UMapula Chuma kwakumele ashade ngakusa.

"Kwathi abasemzini sebefikile sangakwazi ukukhuluma eyomshado, njengoba kwase kuhlelwa umngcwabo," kusho uChuma.

Uthi babehamba emgwaqeni owubhuqu ngesikhathi kwehla lo mshophi.

"Indodakazi yami yayisemuva kwami," esho.

"Kwaqhamuka imoto eyiveni eyashayisa abasemuva kwami yase ibaleka, ngazama ukumisa umshayeli kepha kwazinhlanga zimuka nomoya."

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Sarah Lesabane uthe bayazi ngalesi sigameko kanti kuyaphenywa ngaso.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-35°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 19-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 17-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...