Umndeni ubufuna udilikajele kowabulala uyise
2012-12-24 10:55
Mlondi Radebe, The Witness
Pietermaritzburg - Umndeni wowesilisa waseMgungundlovu owabulala uyise — ngoba ethi uyazivikela — ubufuna agwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele.
Kodwa inkantolo inike uThabani Ngubane, 31, wakwaMnyandu, endaweni yaseVulindlela, iminyaka engu-15 kuphela ebhadla ejele ngemuva kokuvuma ukuthi wabulala uyise uSkhwebu Ngubane, 68, ngo-Okthoba.
NgoLwesihlanu umama kambulali uNtombifikile Ngubane uthe sibadinile isigwebo seNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu, ngoba bekufanele indodana yabo ithole eminye iminyaka engu-10 ngaphezuliu.
Uthe indodana yakhe ingumdlwembe.
“Bekungekhona okokuqala elwa noyise. Ngonyaka odlule waze washaya nami ngesikhathi ngizama ukubalamula elwa nomzukulu wami. Wagwetshwa izinyanga eziyisithupha. Kulokhu bekumele bamenze ezwe ubuhlungu bokuhlala ejele,” kusho uNgubane.
Lo mfelokazi uthi manje umthwalo uyamsinda emahlombe akhe njengoba bekungumyeni wakhe onakekela umndeni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness