Ukhale ngaphansi uMthethwa kolwaseKhayelitsha
2013-01-14 12:08
Cape Town - INkantolo eNkulu yaseWestern Cape isichithile isicelo sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa sokuthi kumiswe ikhomishana ezophenya ngodaba lwamaphoyisa eKhayelitsha.
Ngonyaka odlule uMthethwa waphikisa isinqumo sikaNdunankulu waseWestern Cape uHelen
Zille sokusungula ikhomishana, wathi lokho kuzoshayisana nokuzimela kweSA Police Service (SAPS).
U-Advocate Peter Hawthorne, nomele iSocial Justice Coalition (SJC), utshele inkantolo ukuthi ithimba labameli bakaMthethwa lihlulekile ukuveza ukuthi le khomishana ingase ilimaze ukusebenza kweSA Police Service.
Izishoshovu bezigcwele enkantoloo, kanti yizo ezazihamba phambili ekutheni kube nekhomishana ezophenya ngokunyuka kwesibalo sabantu ababulawa ngumphakathi ngoba ukhala ngamaphoyisa ahudula izinyawo eKhayelitsha.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA