Ubuyele ekhaya ekuthiwa wadlwengula okhubazekile
2013-01-29 16:38
Johannesburg - Limthethile icala umfana waseSoweto obesolwa ekudlwengulweni komfana oneminyaka engu-16, ubudala ongaphilile kahle ekhanda.
UMfana ubevele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea, ngoLwesibili.
Icala belingakaqalwa ukuthethwa, umsolwa oneminyaka engu-19 ubudala, udedelwe ngaphandle kokufaka isicelo sebheyili, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela.
"Inkantolo inqume ukuthi adedelwe umfana kuze kube umhlaka-7 Febhuwari, sekucwaningisiswe kahle ubufakazi bommangali."
Ibhungu leli laboshwa ngoMsombulukko eZola, ngemuva kokuthi ummangali ethe wamthatha wamyisa emathuneni aseJabulani, wafike wamnukubeza.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).