Cape Town - Uhulumeni waseNepal useshintshe ukwenza, wanika abantu bezwe igunya lokuthi bafihle ubulili babo uma bethanda.
UMnyango wezaseKhaya ufake ubulili besithathu obungachazeki, ongakhetha bona uma ungafuni ukuchazwa njengowesilisa noma owesifazane.
Izishoshovu zishayele uhulumeni ihlombe zithi lokhu kuzokhulula abantu abayizinkonkoni.
Ubulili lobu buchazwa kuphela njenge-third gender (ubulili besithathu).
Abafundi babeka imibono yabo ngalokhu:
URonah Nontobeko Ziqubu uthe:
Kakade uNkulunkulu wadala u-Adamu kwabesilisa, wadala u-Eva kwabesifazane akaze abebikho ophakathi nendawo ozoba i-third gendar, umbhedo nje lowo.
USomlie Maphumulo Melon uthe:
Kulokhu kuthiwa izwe liyabhubha kanti libhujiswa ileziziphukuphuku eziphathiswe amazwe.
Kuyisono esibi ukuphambana nezinto esadabuka zenziwa, uNkulunkulu wadala ubulili baba bubili kuphela.
UKhulumani Geo Mavuso uthe:
Lokhu kusho ukuthi benza UNkulunkulu umqambimanga.
IBhayibheli lithi wabadala owesilisa nowesifazane, wabanikeza inkululeko yokuzikhethela, akadalanga i-third gender, lokho kuwukuphuphutheka komqondo.
UZamani Pz Qwabe uthe:
Into elawula ubulili bomuntu yisitho sakhe sangasese.
Ngicela ukubuza ukuth lowo oyi-third gender yena uphethe hlobo luni lwesitho sangasese, cha inganekwane phela lena, angivumi mina.
UQalokwakhe S Mota uthe:
Lokhu ngingakubiza ngombhedo!
Okungikhalisa kakhulu ukuthi uhulumeni walapha eNinizimu Afrika, uzobuka lento njengento enhle bese ethi nalapha isingenziwa ngoba bazithanda kabi izinto ezingumsangano.
Buka ngoba izinkonkoni nazo zavunyelwa ngoba sebebukele kwamanye amazwe ahlaselwe ngusathane.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).