UZuma ugxeke 'abelungu abamnyama'

2012-12-27 13:00

Durban - UMengameli Jacob Zuma uthi intsha yakuleli ne-Afrika yonkana izama ngazo zonke izindlela ukuphila njengabanye abantu nezinye izizwe, kusho umbiko.

UZuma wethule inkulumo eshisayo KwaZulu-Natal ngoLwesithathu, eshiya angalazi entsheni yesizwe esimnyama, kuqhuba umbiko weThe Mercury.

Kunesizukulwane esisha sentsha engama-Afrika esizama ukuthatha indlela yokuphila noma ibukeke njengabanye abantu, esho.

“Ngisho ungafaka iziphaqulo ezinjani ufake nezinwele ezinde ngeke ube ngumlungu," kusho uZuma.

Kunalokho umuntu ulahlekelwa yisithunzi sakhe nobuntu, kanti maningi namathuba okuba alahlekelwe nayinhlonipho nokuthanda abanye abantu, kusho uZuma.

Uthe abantu abamnyama kumele bayeke umkhuba wokuzenza ezinye izizwe.

Ngesikhathi ekhuluma, izinkulungwane zezithameli – ebezihambele ukukhunjulwa kweNkosi uSibongiseni Zuma –  zivele zahleka zase sishaya izandla.

Bekuyinkulumo yokuqala kaZuma emphakathini selokhu abuyiselwa ekubeni ngumengameli we-ANC eMangaung ngeledlule.

Phakathi kwezinto azibekile, uZuma uchaze abantu abathanda izinja ngaphezulu kwabantu njengabangenabo ubuntu.

Uthe ukuchitha izimali ekuthengeni inja, ukuyihambisa kodokotela bezilwane nokuhamba nazo kungokwabamhlophe hhayi abantu abamnyama.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 10-26°C Rain late. Partly cloudy. Warm.
Jhb: 7-20°C Numerous showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 0-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...