UZuma kumele axolise - Mazibuko

2013-01-14 14:26

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma kumele ahoxise amazwi akhe okuthi ngamabhizinisi eseka i-Africa Natinal Congress kuphela azophumelela, kusho lowo ongumholi weDA ePhalamende uLindiwe Mazibuko ngoMsombuluko.

UMazibuko uthe uzofaka imibuzo ebhekiswe kuZuma ukuze achaze ngalokhu kuphawula kwakhe ukuthi kuyahambisana na nemigomo kahulumeni, uma kunjalo asikho isidingo sokukuxolisa.

"Lokhu kuphawula, okwenziwe ngesikhathi i-ANC inomgubho eThekwini, kungase kulimaze ukusebenza ngobuqotho bukahulumeni, nokuncike kakhulu entandweni yeningi.

"Kuchaza ukuthi ngokweseka i-ANC, amabhizinisi azofumbathiswa izimali, nezitholakala ngokusebenza kwezinsiza zikahulumeni," esho.

"Lokhu kuqhubezela ubufakazi bokuthi uMengameli Zuma akawazi umehluko phakathi kwemali yoMbuso neyeqembu, imali yoMbuso kumele isebenzele abantu abampofu. Esinye isibonelo ukuthatha le mali alungise umuzi wakhe oseNkandla ngo-R250 million."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...