UZille unomona ngoZuma - Mthembu
2012-12-19 09:00
Johannesburg - Lowo okhulumela i-ANC uJackson Mthembu useshiye angalazi kumholi weqembu eliphikisayo iDA, uHelen Zille, wathi udliwa umona ngokuqokelwa esikhundleni futhi kukaMengameli Jacob Zuma ukuba ahole iqembu elibusayo.
“Ukuphawula kukaZille ngokubuyiselwa kukaZuma esikhundleni kungumona wezombusazwe nje ngoba naye ehalela ukwesekwa njenge-ANC kuleli," esho.
“Ukuphawula kukaZille kutshengisa inzondo anayo nge-ANC ngokuzama ukunakwa ngabezindaba ngoba nakhu benake inkomfa ye-ANC."
Ukwenza kwakhe kuzama ukuphuca amalungu e-ANC ilungelo lawo lokukhetha abaholi abawathandayo ukuba bahlale ezikhundleni ezithile, esho.
Ngaphambilini, uZille uthe imiphumela yengqungquthela yokukhethwa kobuholi be-ANC izobhebhethekisa ukungaboni ngaso linye iphinde iqede nya ngeqembu elibusayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA