UZille ucacisa ngomnikelo awuthola

2013-01-29 14:17

Johannesburg - Isikhulu enkampanini yabakwaGupta yiso esanikela ngemali kuDemocratic Alliance, kusho umholi weqembu uHelen Zille ngoLwesibili.

UZille uthi iDA yenza "isibophezelo sokungabadaluli" labo abanikelela iqembu, kodwa imibiko yabezindaba yokuthi wacela imali kulo mndeni yikho okumenze wakhuluma ngalolu daba.

"Ngesikhathi ngizwa lokhu, ngithathe isinyathelo sokufonela lowo owasinikelela ukuthi bengicela angikhulule esivumelwaneni sethu ngoba nalu udaba luyavuthwa," esho esitatimendeni.

"Unqabile-ke, wathi akafuni igama lakhe libe semaphepheni. Akayena owakwaGupta. Uyisikhulu senkampani yakwaGupta," kuqhuba uZille.

Iphephandaba iWeekend Argus licaphune imithombo engadalulwanga ithi uZille waya kwaGupta eSaxonwold, eGoli, eyocela umnikelo ngo-2011.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...