UPityana ufuna ukugqama nje - ANC

2013-02-25 12:05

Johannesburg - Lowo owayeyiphini likaShansela wase-University of SA uBarney Pityana "udlala umlabalaba wezepolitiki" njengoba ekhuluma ngencwadi athi uyithumele kuMengameli uJacob Zuma emcela ukuba asule esikhundleni sakhe, kusho i-ANC ngoMsombuluko.

"UPityana akazazi. Wayeyingxenye yalabo abasungula iCope [the Congress of the People]," kusho okhulumela i-African National Congress uKeith Khoza.

"Uthi wabhalela uMengameli incwadi, kodwa akaze axoxisane neHhovisi likaMengameli. Le nto ayenzayo ingumdlalo nje, njengoba esegijimela kwabezindaba."

UKhoza uthe izinto ezibekwe uPityana azicacile.

"Ngeke siyinake leyo ncwadi. Indlela yakhe nje yokuthi agqame nokuthi abantu bahlale bemazi."

UPityana ubhale kuSunday Independent ukuthi wathumela uZuma incwadi emcela ukuba asule esikhundleni.

"Inhloso yokuthatha lesi sinyathelo ukuqinisekisa ukuthi asilahlekelwa yisithunzi njengesizwe njengoba kukuningi okwenzekayo okungahambi ngendlela,"ebhala engosini yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...