UPistorius ugxile eBhayibhelini - Umalume

2013-02-21 07:43

Johannesburg - Umsubathi wakuleli obekwe icala lokubulala, u-Oscar Pistorius ubengakaze adle kusukela ngelanga lesigameko ngenxa yokuphatheka kabi, kusho umalume wakhe u-Arnold.

“Uze waqala ukufaka okuya ngasethunjini ngoLwesibili ebusuku,” esho ekhuluma nezindaba ze-eNews Channel Africa.

“UCarl no-Aimee (nokungumfowabo nodadewabo) bangitshele ukuthi bahlala naye, kodwa uchitha isikhathi esiningi efunda, ikakhulukazi iBhayibheli, njengoba afundiswa umama wakhe."

UPistorius uboshelwe izinsolo zokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, nowadutshulwa washona ngoLwesine olwedule.

Ubekwe icala lokubulala kanti isicelo sebheyili siyaqhubeka eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

U-Arnold uthi lesi yisikhathi esinzima emndenini kanti bayameseka lo msubathi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Partly cloudy. Cool. PE: 9-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...