UMnyango uzofaka igxalaba ezibhedlela
2013-02-06 10:05
Durban - Liyenyuka inani lezibhedlela zaKwaZulu-Natal, abezithola uxhaso emazweni angaphandle, nesezizoba ngaphansi kwekhwapha loMnyango wezeMpilo esifundazweni, kubika iphephandaba iThe Mercury ngoLwesithathu.
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uSibongiseni Dhlomo udalule lokhu ngesikhathi enengxoxo nephephandaba ngesonto eledlule ngesikhathi uMnyango umemezela ukuthi usuzophatha iMcCord Hospital.
Lesi sibhedlela bese kuthiwa sizovala iminyango ngemuva kokuthi kuphele izimali zoxhaso ezivela eMelika.
UMnyango ubheke nokuthenga iSt Aiden Hospital nayo eseThekwini.
Ngokombiko weThe Mercury zingu-12 ezinye izibhedlela esifundazweni ezizongena ngaphansi kwezinhlelo zikahulumeni, okubalwa iSt
Mary's eseMarianhill neSt Mary's eseMelmoth.
"Lezi zibhedlela bezixhaswa ngezimali eziphuma emazweni, kodwa manje bathi iNingizimu Afrka isikhululekile ngakho ngeke basaqhubeka noxhaso," kusho uDhlomo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA