Owayeyisoka ungqongqise izithandani

2012-12-27 12:54

Cape Town – Ukuqhuma kwesibhamu kanye namabhomu enziwe ngophethiloli kudlule nempilo yabantu abathathu ePhilippi East ngoKhisimusi.

UThembisa Mondleki, 26, noGarry Dladla, 38, bashonele esibhedlela ngemuva kokuba umjondolo wabo ushiswe ngomlilo yilowo owayeyisoka likaThembisa ngezithuba zasekuseni, kubika iCape Argus.

UNolusindiso Batyi, 30, ongumnikazi wendlu obekuqashe kuyo lezi zithandani, uthe bebehleli ndawonye nalezi zithandani nabanye abangani beziphuzela ezibandayo ngosuku olwandulela uKhisimusi.

“Mina nomngani wami sibe sesikhetha ukuhamba siye kwenye indawo, sazishiya zodwa izithandani,” kusho uBatyi.

UBatyi uthe owayeyisoka likaThembisa, owaziwa ngoWarren, ube esefika lezi zithandanzi zihleli ngaphandle, waxabana nazo.

“UWarren ubefuna ukulwa, kodwa izithandani zakhetha ukubuyela endlini, zazivalela khona ukuze zigweme ukulwa. Ube esehamba uWarren wabuya ngezithuba zabo-02:00 (ngoKhisimusi) ephethe amabhomu kaphethiloli azenzele wona wabashisa ngawo.

UDladla ukwazile ukudubula uWarren esifubeni washiswa nayibhomu abeliphethe.

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk ukuqinisekisile ukushona kwabantu abathathu nokuthi amaphoyisa ayaphenya ngecala lokubulala nelokushisa.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...