Ona-40 uthiba ulaka ngokugqoka inabukeni

2013-01-25 10:02

North West - Ungumyeni ungubaba, uyimfolomane emsebenzini, udlala ibhola lombhoxo futhi wenza konke okunye okwenziwa ngamadoda, ahluke ngakho ukuthi ugqoka inabukeni ngaphansi kwamabhulukwe akhe.

UJan-Hendrick Terblanche oseteketiswa ngelikaPoopoo-nappy, akahlukile neze kwamanye amadoda amaBhunu ajwayelekile.

Umbiko wephephandaba iDaily Voice uthi lo baba oneminyaka engu-40 ubudala, uwuhlobo lwabantu abanesifo i-infantilist, abantu abangakuvumeli ukukhula, baqhubeke nokwenza izinto ababezenza beyizingane, kuze bezozizwa bephephile.

“Uma ngingaligqokoile inabukeki ngiba nolaka, ngizizwa ngingaphelele. Uma ngithukuthele, ngigqoka inabukeni, bese ngincela incence yami ngize ngizumeke," ezikhulumela.

Kuleli laseNingizimu Afrika, akukhulunywa ngakhulu ngalolu hlobo lwesifo esiphatha uJan-Hendrick, owaqala ukufaka inabukeni eneminyaka emihlanu ubudala.

Uthi esakhula wayeba amanabukeni nama-waterproof, engakazi ukuthi kuyadayisa nokwabantu abadala emakhemisi, uthi kwakunzima kakhulu ngesikhathi ekhula njengoba umndeni wakhe uphila impilo yamaBhunu angempela.

“Anginankinga ekubeni yindoda, kuphela nje ngidinga ukuthi ngaphambi kokuthi ngizumeke, unkosikazi angincelise njengengane, ebe engimbambatha inabukeni noma engiphulula ikhanda.

Abantu abanesifo esiphatha le ndoda babizwa ngama-Adult Babies, laba kuthiwa abasibo abacathameli bezingane, kuphela baziphathisa okwezingane bona, kusho udokotela uGloria Brame.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...