Ngeke ngiyishiye i-ANC - Sexwale
2012-12-24 11:01
Johannesburg - UNgqongqoshwe wezokuHlaliswa kwaBantu uTokyo Sexwale uthi
ikusasa lakhe likuKhongolose, ngokusho kombiko ngoMsombuluko.
"Ikusasa lami liku-ANC. Umbutho uyikhaya lami akukho la
engingaya khona,” kusho uSexwale etshela iMail & Guardian ngeSonto.
Ukuphawula kwakhe kuze sekuphele isonto imizamo yakhe
yokuba yiphini likamengameli we-ANC ingaphumelelanga enkomfeni ebiseMangaung,
eFree State.
UCyril Ramaphosa wehlula uSexwale noMathews Phosa
kwesokuba yiphini likamengameli eqenjini elibusayo ngamavoti angu-3 018, bona
abathola angu-463 no-470 ngokulandelana kwabo.
UMengameli uJacob
Zuma wakhethwa ngamavoti angu-2 983 ukuba ahole i-ANC ihlandla lesibili wehlula
iphini lakhe kuhulumeni uKgalema Motlanthe, owathola angu-991.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA