Mhlampe kwakumele ngibe umfundisi - Malema

2013-01-16 16:12

Johannesburg - Owaxoshwa ekubeni ngumholi we-ANC Youth League uJulius Malema, uthi kungokokuqala ngqa ezizwa ekhululekile, engahlanganise lutho nezombusazwe.

“Kodwa-ke ngisahlalele ethembeni ku-African National Congress, uma ngelinye ilanga bekhetha ukungivulela amasango, ngojabula ngife,” esho ekhuluma nabezindaba zeDaily Sun.

UMalema uthi akumqwashisi ukuxoshwa kwakhe eqenjini.

“Kwazi bani? Mhlampe kwakumele ngibe umfundisi.” kuncokola uMalema ochithe amahlebezi athi ushoda ngezimali.

“Angazi abantu basho ukuthini uma bethi sengiyahlupheka. Amabhange kade engethemba engeboleka imali ngoba bengihola kahle.”

UJuju uthi ipulazi lakhe lisebenza kahle futhi liyamfakela inzuzo.

“Nginamanye amabhizinisi kodwa ngeke ngikhulume ngawo ngoba uhulumeni angase angicindezele.”

Okwamanje uMalema uzihlalela yedwa njengoba engenaye umuntu ahlekisana naye kanti epulazini lakhe unabasebenzi abayishumi nambili.

Uqhubeke wathi uNobhala we-ANC uGwede Mantashe, wakhuluma amanga ngesikhathi ethi incwadi yakhe yokudlulisa ukuxoshwa kwakhe, yafika sekwedlule isikhathi.
 

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...