Mabangathuli abahlukunyezwayo - De Lille

2013-02-27 14:05

Cape Town  - IMeya yaseKapa uPatricia de Lille usenxuse imiphakathi ukuthi ingathuli uma kukhona izigameko ezikhona zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

"Ngiyala umphakathi ukuthi ungabanaki labo abathi uma bekhuluma ngalokhu bazibizela amehlo abantu nokuthi hlaza imindeni yabo," esho ngesikhathi kunomhlangano womkhandlu.

UDe Lille uthe amaphoyisa kamasipala azohlinzekwa ngezinsiza ukuze akwazi ukuqeqesha imiphakathi ukuba ilwisane nokuhlukunyezwa emakhaya.

"Kuzosungulwa izinhlelo lapho uMnyango wezeNhlalakahle uzokhuphula amasokisi ezinhlelweni zokuqwashisa umphakathi ngalesi sihlava."

Uqhube ngokuthi amakhansela nawo kumele azibambele mathupha ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uyalazi iqiniso.

"Iqiniso lokuthi abafana namantombazane, amadoda nabesifazane, kumele banikezwe inhlonipho elinganayo, akekho obaluleke okudlula omunye."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...