Luyanda udlame emajele - Ijaji

2013-01-23 12:03

Durban - Luyanda udlame lwasemajele nakuba nezinhlelo zokuqwashisa iziboshwa ngendlela ezingadlulisa ngazo izikhalazo zazo nazo ziqiniswa, kusho iJaji uVuka Tshabalala, kubika iSowetan.

UTshabalala uyijaji eliphenya ngokufa kweziboshwa ejele laseFree State iGroenpunt Prison.

"Iziboshwa azineme futhi azanelisekile ngezinto eziningi ezifana nokudla, kanye nezimo ezihlala ngaphansi kwazo,” kusho uTshabalala ekhuluma esehhovisi lakhe eThekwini.

"Lokhu ngikwazi ngoba sengike ngaqondana ngqo nazo iziboshwa.”

Uthe umphenyi wakhe ngoMsombuluko uqalile ukuxoxisana neziboshwa zaseGroenpunt Prison ezahanjiswa kwamanye amajele, kulandela imibhikisho eyaba semasontweni amabili edlule.

Uthe bazohlanganisa umbiko ozothunyelwa esikhulwini esiphezulu sebhodi elengamele ukusebenza kwamajele.

Isikhulu esiphezulu sizobe sesiwuhambisa ePhalamende, kuNgqongqshwe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kanye nakukhomishina kazwelonke.

"Sinawo amandla okudlulisela lolu daba kuNPA uma sibona ukuthi kube nobugebengu.”

UTshabalala ulindele ukuba uphenyo luphothulwe emasontweni ambalwa ezayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...